Abanikazi bamabhizinisi basabala izindleko zomonakalo

0
140
Elinye lamabhizinisi elicekelwe phansi lathungelwa ngomlilo ngesikhathi kunezibhelu

UMONAKALO odalwe ukugasela ezitolo nokucekelwa phansi kwamabhizinisi obekuphelezelwa ukutatshwa kwempahla, kulesi sifundazwe naseGauteng kushaye kwezwela emabhizinisini, yize sekuphele inyanga lesi sehlakalo senzekile kodwa osomabhizinisi basahlanganisa izibalo zezindleko zomonakalo odalekile.

UMnuz Sibonelo Mbatha ongomunye wosomabhizinisi abamnyama okucekelwe phansi amagaraji wakhe amathathu, kwatatshwa kwaphinde kwashiswa uthe ubalelwa kuR40 million umonakalo odalekile. Lokhu uMnuz Mbatha ukuveze ngesikhathi umholi weDemocratic Alliance (DA), uMnuz John Steenhuisen, evakashele amabhizinisi ahlukene ezingxenyeni ezakhele iTheku ngenhloso yokuhlola umonakalo odalwe yizibhelu ngoJulayi.UMnuz Mbatha ungumnikazi wamagaraji amathathu elinye eliKwaMashu, elinye liseDube Village eNanda kanye neliseBhamshela ngaphandle kwasoThongathi, uthe elinye lalamabhizinisi akhe lidinga ukuqalwa phansi lakhiwe kabusha. Omathathu amagaraji akhe acekelwa phansi.

“Nginamabhizinisi amathathu athintekile, elinye lawo lithinteke kakhulu, elinye kudingeka ukuba liqalwe phansi ngoba lasha lonke. Njengoba ubona leli (eDube Village) likhona elinye eliseBhamshela okuyilona elaphela nya, elinye eliKwaMashu lisengabuye lilungiswe libuyele esimweni sokusebenza. Sicabanga ukuthola ochwepheshe bethu ukuba basifafakele amanye amakhompyutha amasha. Umonakalo odalekile ungabalelwa kuR40 million,”kusho UMnuz Mbatha. UMnuz Richard Baker omunye wosomabhizinisi ePhoenix enyakatho yeTheku uthe, ngesikhathi kuhlaselwa ezitolo kutatshwa nempahla amaphoyisa akhombisa ukungabinazo izidingo ezanenele ukubhekana nesimo sangaleso sikhathi. “Bekuyisimo esesabekayo, ngesikhathi sifika ngoMsombuluko ekuseni ukutatshwa kwempahla kwasekuvele kuqalile ngemuva nje kokuba uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ethule inkulumo yakhe ayesibhekise esizweni. Ngesikhathi sifika amaphoyisa abesevele ekhona, sibuziwe satshelwa ukuthi ngeshwa amaphoyisa akukho lutho angalwenza ngoba abanawo amathuluzi anele okusebenza,”kusho uMnuz Baker.

“Bebesibuza ukuthi njengamalungu sinazo yini izibhamu ezinamalayisense noma okungenani izinhlamvu ukuze bakwazi ukusisiza. Besikhathazekile ngoba iningi labantu abebe kuleyandawo bebengasabeka ngendlela abebeziphethe ngayo, kuphela thina esingakwenza ukuba sihlangane sivikele izindawo zethu. Bebezimele eduze kwezimoto zabo ababetapa impahla bezidlulela nje,”usho kanje ngesikhathi elandisa uMnuz  Steenhuisen. UNks Dolly Munien wasoThongathi enyakatho yeTheku, uthe ngesikhathi kuqhubeka izibhelu bahlangane bonke beyizikhamuzi kuhlanganisa nezisezakhiweni zemijondolo bavikela izitolo zabo. “Ngesikhathi kunalesi simo ibingekho enye indlela ebesingenza ngayo ngaphandle kokuthi sihlangane ndawo siwumphakathi wezinhlanga ezahlukene sisebenze ndawonye. Lokhu bekungaqondene nodaba lwamaqembu epolitiki, kodwa bekuwukubeka ukuphepha komphakathi kuqala. Sibe nomhlangano singamaqembu ahlukene savumelana ngokuthi masibambisaneni, senze isiqiniseko sokuthi sivimba kuzo zonke izindawo ezingenelayo siqinisekise ukuthi akukho kutatshwa kwempahla nokucekela phansi kanye nokuphazamisa,”kusho uNks Munien. UMnuz Steenhuisen uthe, ongqongqoshe beminyango ethintekayo kufanele babhekane nokwehluleka ukulawula isimo.