
KUPHENDULEKE imikhuleko yemindeni edonsa kanzima yaseMlazi, ngenkathi iBrush Mncadi Foundation inikelela abesimame ngamaphasela okudla emcimbini obusehholo lomphakathi elisesigcemeni sakwa-G kulo leli lokishi.
UMsunguli wale nhlangano uMnuz Brush Mncadi, uthe lena kube indlela yokuhlonipha abesimame abasebenza ngokuzikhandla ukuguqula isimo semndeni yabo njengoba kusabungazwa inyanga yabantu besifazane. Uthe akwehli kahle kuye ukwazi ukuthi kukhona abantu abasaphila ngaphansi kwengcindezi yobubha, wathi kusemqoka ukuthi wonke umuntu onamandla okunikelela imindeni eswele ekwenze ngaphandle kokulindela ukuthola izincomo.
“Le nhlangano yasungulelwa izinhlelo ezifana nalolu. Ihlose ukuphungula umthwalo emahlombe wabantu bakithi abadonsa kanzima. Kuyangijabulisa ukwazi ukuthi lokho okuncane esikwenzayo kwenza umehluko omkhulu ezimpilweni zabantu,” kusho uMncadi. UNks Sunshine Mbhele ohlomulile, ubonge kule nhlangano wathi imndeni yabo isizothola ukudla okunempilo kwazise izinkinga esabhekene nazo ziningi ngenxa yoKhuvethe nezibhelu ezishiye kukhalwa. “Anginawo amazwi okubonga, inhle into abasenzele yona. Esinikelelwe ngakho kuzosisiza njengoba ukudla sekumba eqolo ezitolo. Sifisela le nhlangano okuhle kodwa, idlondlobale ukuze izoba namandla okwenzela nabanye lokhu esenzele khona,” kusho uMbhele. Ngaphandle kokunikela ngezijumbana zokudla, iBrush Mncadi Foundation iphinde inikelele abafundi abavela emakhaya ahlwempu ngemifaniswane nezinsiza zesikole, isize abantu ekutholeni izincwadi zokushayela, ixhase nezitshudeni ngemali yokufunda.






