UBOPHE ifindo likasofa silahlale nesithandwa sakhe seminyaka umsiki wengqephu waseThekwini.

USthandiwe Hlongwane weBright Shadows ushade nesinqandamathe sakhe uSandile Sokhela ebesekuphele iminyaka ewu-15 bethandana.

Laba bashadele e-Albert Falls Dam eMgungundlovu ngempelasonto. USthandiwe uthi ayikho into enzima ebudlelwaneni bezothando njengoba abantu becabanga. Uveze ukuthi yena noSokhela bathatha isinqumo sokuhloniphana, umuntu akwazi okujabulisa omunye kanjalo nokungeke kwehle kahle.

“Ngiyafisa ukubona nabanye abantu besifazane beshada nezithandwa zabo ngelinye ilanga. Akukho okushintshayo noma senishadile niyaqhubeka nokujabula, ukuhloniphana nokuthandana. Ngiyafisa ukwamukela abanye besifazane kule ndima bangabi novalo,” kusho uSthandiwe.

USthandiwe ubesekwe izintokazi ezintathu okubalwa uLungile Kunene, Mpume Luthuli noMabusi Maphumulo. Ama-flower girl akhe bekungu Amahle Hlongwane noTumelo Gumede. USokhela yena ubesekwe abangani bakhe uPhumlani Ngwane, Sandile Ngubo no-Asande Dube.