KULIMALE inqwaba yabantu ezingozini ezahlukene emgwaqeni yaseThekwini kulandela izigameko ezingafani. Kwenye ingozi kulimale abantu ababili kushayisana izimoto zabo e-Entabeni road, ngasePinetown.

Abezimo eziphuthumayo ngokusho kukaGarrith Jamieson bafike endaweni yesigameko sezishayisene izimoto futhi zilime zombili. UJamieson uthe bakwazile ukuqala babahlinzeke ngosizo abalimele ngaphambi kokuthi babaphuthumise esibhedlela esiseduze.

Imbangela yengozi beyingakaziwa kodwa kuthiwa amaphoyisa ayaphenya.
Kwenye ingozi eyenzeke ePinetown ngezikhathi zasebusuku kuRichmond road eduze noM13, kutholane phezulu itekisi nemoto encane. “Uyedwa umuntu othole imihuzuko kodwa ulutholile nosizo endaweni yesigameko ngaphambi kokuthi aphuthunyiswe esibhedlela ukuyothola olunye usizo,” kusho Jamieson.

Nakuyona le ngozi amaphoyisa asenza uphenyo ngokuholele ekutheni yenzeke. Khonamanjalo eTshenelimnyama ngasePinetown kuphinde kwenzeka enye ingozi eshiye kulimele abantu abangu-14. Kule ngozi kugingqike itekisi yabheka phezulu ngezithuba zabo-7 ekuseni.

“Bangu-14 abantu abalimale kule ngozi, kudingeke nokuthi kubizwe ama-ambulance amaningi. Emva kokuthi bonke abantu sebethole usizo endaweni yesigameko babe sebehanjiswa ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini,” kuchaza uJamieson. Imbangela yengozi beyingakaziwa kodwa amaphoyisa asenza uphenyo.