Abesifazane abazoba yingxenye yesidlo sasekuseni

ABAZOHAMBELA isidlo sasekuseni seSunflower Fund Ladies Breakfast bazozithokozisa ngobumnandi bodwa, lokhu kuvezwe abahleli balo mcimbi ozobanjwa ngoMashi 3 nonyaka eMusgrave Hotel ekuseni.

Ngokusho komunye wabahleli uNksz Shireen Eraman uthe balindele ukuthi lo mcimbi ubekwelinye iziinga uma uqhathanisa neminye iminyaka.

Uveze ukuthi njengoba kuzobe kungokweshumi nambili ubanjwa lo mcimbi izinga lizobe licokeme kakhulu. “Umuntu eyedwa uzokhokha uR295 okubalwa nesidlo sasekuseni kanye nezipho.

Phakathi kwezikhulumi ezizoba yingxenye yalo mcimbi zethula inkulumo kubalwa uVukile Nongcebo McKenzie kanye noSandra Thomas ongumnikazi wezitolo iSatin Candy boutique,” kuchaza uNksz Eraman.

Abesifazane bayagqugquzelwa ukuthi bagqoke ngendlela abayithandayo ‘Summer and Sunflowers’, umklomelo uzonikezwa abagqoke kahle bakhombisa ukuchule.
Yonke imali eyoqoqwa kulo mcimbi, uzokwenza abe Sunflower Fund bafundise baphinde baqwashise abantu mayelana nokunikela nge-blood stem cell. Baveze ukuthi lokhu kuzosiza kakhulu iziguli ezihaqwe umdlavuza womnkantsha wegazi.